#SocialMediaBlackout: Abantu baseMzansi basabisa ngokuduba izinkundla zokuxhumana

2017-06-21 09:33

Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa izinkundla zokuxhumana kulindeleke ukuba badube ukusebenzisa ama-data ngoLwesithathu, ngemuva kwekhwela elihlatshwe kuTwitter, njengoba umkhankaso we-#SocialMediaBlackout ubusematheni (trending) kuTwitter ngoLwesibili.

Umhayi wezinkondlo ophinde abe ngumculi wakuleli, uNtsiki Mazwai, unxuse abalandeli bakhe abangaphezulu kuka-80 000 kuTwitter ukuthi badube ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana noFacebook kanye noTwitter emizamweni yokuveza obala ukumba eqolo kwentengo yama-data kuleli.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ingaphakathi lamahhovisi amasha ceke kaFacebook eGoli

“Angeke ngibe sezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu mhlaka-21 ngoba i-#DataMustFall (intengo yama-data kumele yehle) futhi kufanele engabe kade sathatha izinyathelo. Ningawathengi futhi ama-data. Ningangeni ezinkundleni zokuxhumana (login),” ubhale kanjalo kuTwitter ngoLwesibili ekuseni.

Abantu abasebenzisa uTwitter babe sebeqala umkhankaso i-#SocialMediaBlackout, nogcine ususematheni ukuzedlula zonke izihloko ezinkundleni zokuxhumana.

Abantu babe nemibono engafani ngalo mkhankaso, njengoba abanye bezwakalise ukuwusekela baphinde bafunga bagomela ukuthi bazoba-offline ngoLwesithathu. Kodwa-ke abanye bathe bona angeke bakwazi ukuhlala ngaphandle kukaTwitter noFacebook.

Ngaphambilini izinhlangano zezepolitiki okubalwa kuzo ne-EFF zajoyina ikhwelo lokuthi kwehliswe intengo yama-data ngaphansi komkhankaso owawuqhutshwa ezinkundleni zokuxhumana, i-#DataMustFall.

Lo mkhankaso wawuqhutshwa phambili ngumsakazi odumile, uThabo "TBo Touch" Molefe. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...