Siyaqhubeka isiteleka sabamabhasi ngemuva kokungaphumeleli kwezingxoxo noNgqongqoshe

2018-04-25 11:03

Johannesburg – Siyaqhubeka isiteleka sabamabhasi ngemuva kokuba imizamo yoMnyango wezabaSebenzi yokungenelela phakathi komqashi kanye nezinyunyana ingaphumelelanga.

Abashayeli bamabhasi ezweni lonke baphume esiteringini ngeledlule, befuna amaholo angcono.

Isiteleka, esesingenele osukwini lwesikhombisa, sifakele ingcindezi enkulu abamatekisi njengoba olayini bebade emarenki.

OLUNYE UDABA: Kutholakale umbungu emgqonyeni kadoti eThekwini

UNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant ubize umhlangano phakathi kwabaqashi nabasebenzi ngoLwesibili ngemizamo yokuqeda ukungaboni ngasolinye ngezingxoxo zamaholo.

Izingxoxo zidonse kwaze kwaba sebusuku, kodwa akuvunyelwananga ngalutho.

Izinyunyana zithi zizamile ukwehlisa imali abayifunayo kodwa umqashi akanyakazi kulokhu akubeke etafuleni.

Izinyunyana manje sezifuna uNgqongqoshe wezokuThutha uBlade Nzimande angenelele.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...