Sisobishini isitolo sakwa-H&M

2018-01-09 07:30

Johannesburg - Isitolo sezimpahla zokugqoka zabesilisa, abesifazane nezingane, iH&M kubikwa ukuthi ngeke isayidayisa impahla yayo enokucwasa, kuleli.

Isikhangiso esisabalale kwi-internet esitshengisa ingane yomuntu omnyama igqoke isikibha esinombhalo ofundeka kanje "Coolest Monkey in the Jungle" yikho okususe lo msindo.

Lesi sikhangiso sibonakala sengathi sivela emahhovisini esitolo esise-Europe, njengoba imali yesikibha ibhalwe ngoPondo.

Sekube nezicelo zokuba kudutshwe le nkampani.

IDaily Sun ixhumane nabakwa-H&M SA mayelana nalolu daba, base beyaxolisa.

"Siyaxolisa kakhulu ngokudelela amakhasimende ngesithombe sengane egqoke isikibha esinombhalo ongehli kahle esishicilelwe ezinkundleni ezimbalwa kwi-internet.

"Lesi sithombe sesisusiwe kuzo zonke izinkundla ze-internet kanti impahla yona angeke idayiswe eNingizimu Afrika," kusho u-Amelia May-Woustra, okhulumela abakwa-H&M SA.

 - Twitter:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...