Siphelile isiteleka sabasebenzi base-Unisa

2017-01-31 07:32

Johannesburg  – Abasebenzi base-University of South Africa (Unisa), abangaphansi kweNational Health Education & Allied Wokers Uninon (Nehawu) ngeke besaqhubeka nesiteleka.

Lokhu kungemuva kokuba abasebenzi bekwamukele ukwenyuselwa amaholo phakathi kuka-5% no-8% njengokwesiphakamiso somqashi.

Abaphathi bebebeke etafuleni phakathi kuka-5% no-8%, kuye ngokuthi abasebenzi bahola kangakanani.

Ngeledlule, abasebenzi bavalela ngaphandle abafundi ezikhungweni.

OLUNYE UDABA: Ikhansela laseNanda lisolwa ngokuvimbela iloli eliletha amanzi

Okhulumela inyuvesi uMartin Ramotshela uthe isivumelwano sizosayinwa namhlanje (ngoLwesibili) ekuseni.

“Sijabulile kakhulu ngokuthi abasebenzi sebegcine besamukele isiphakamiso esibekwe etafuleni sesibuyekeziwe kanti manje umsebenzi usuzoqhubeka njengokwejwayelekile njengoba abasebenzi kulindeleke babuyele emsebenzini.”

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...