Sekuphelile ngefoni yakwaSamsung egqamuka umlilo

2016-10-11 14:30

Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika abebesalindele ukuba ngabanikazi befoni engundabamlonyeni ngokugqamuka umlilo, iSamsung Galaxy Note 7, bangase bayizwe ngendaba le foni.

Lokhu kuza njengoba ngoLwesibili abakwaSamsung bamemezele ukuthi bayayiqeda nya le foni esiphendule lesi sikhondlakhondla senkampani inhlekisa.

Ukwakhiwa kwale foni emhlabeni wonke kuzomiswa, ngokusho kwaSamsung esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Ishise itafula ifoni yakwaSamsung esitolo sokudlela

Kwenzeka lokhu nje ngaphambili, ngawo uLwesibili, uSamsung unxuse bonke abantu abasebenzisa iNote 7 ukuba bawavale bangabe besawasebenzisa nhlobo wathi bazobuyiselwa imali.

NgoMsombuko kuvele ukuthi izitolo eziningi azisafuni ukudayisa le foni okuke kwabikwa izigameko phakathi kwezinye zokusha kwezimoto, indlu, kanye nokuqhuma kwenye yamaNote 7 ebhanoyini lisemoyeni.

Kubuye kwasabala ne-video lapho le foni ishe isetafuleni esitolo sokudlela, uBurger King.

Okunye okukwakhele le nkampani igama elibi ukuthi amaNote 7 ebekushintshiselwe ngawo amakhasimende nawo kuvele ukuthi anenkinga yokokhela umlilo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Refreshingly cool. Bloem: 2-19°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...