Owe-Please Call Me uzolahlekelwa ingxenye yesinxephezelo sakhe

2016-05-26 18:33

Durban - IVodacom ivumile ukuthi isitholile isicelo sokusithathela phezulu isinqumo sokunxephezela uNkosana Makate owasungula i-Please Call Me.

"Yebo siyavuma ukuthi sisitholile isicelo sokuba silubeke phambili udaba lokulandela imigomo eyabekwa iNkantolo yoMthethosisekelo ngezingxoxo zokukhokhelwa kukaMnu Makate.

"Lolu daba luhamba phambili ezinhlelweni zethu futhi sinethemba lokuthi sizoba nesivumelwano esihle naye,"kusho uByron Kennedy okhulumela iVodacom.

OLUNYE UDABA:Uphumelele ohambise iVodacom enkantolo ngolwe-Please Call Me

Yize kunjalo, iphephandaba iSowetan, lithole ukuthi inkampani iSterling Rand okuyiyona ebixhasa lo mlisa ngezimali zabammeli itshele iVodacom ukuba igodle u-50% wesinxephezelo sakhe.

Lokhu kulandela isivumelwano asenza nale nkampani eyayimmele ukulwa lolu daba kusukela ekuqaleni kwakhe ehamba izinkantolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...