Omunye umsindo kuvela ukuthi i-CEO yenkampani edumile ihola u-R7.3m ngosuku

2017-06-30 16:01

Cape Town – Umbiko weBloomberg usudalule ukuthi ama-Chief Executive Officer (CEO) ezinkampani ezingu-500 ezihamba phambili nezihweba eMelika bebegoduka nomholo olinganiselwa ku-$1.65bn (R21.5bn) ngo-2016, nalapho iCEO yesikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe, i-Apple, nokungu-Tim Cook, ebahola phambili ngo-$145m (R1.9bn).

“Ungadidiswa umbiko womholo kaTim Cook ngo-2016 ongu-$8.75m, nobeke iCEO yakwa-Apple endaweni yesithathu ekugcineni kuwo wonke ama-CEO e-S&P 500 (izinkampani ezingu-500 eziphambili ezihweba eMelika).

“Imali eholwe nguCook ngo-2016 ize kakhulukazi ekutholakaleni kwamasheya angu-1.26 million, alinganiselwa ku-$136m, natholakala ngemuva kokuba yiCEO yakwa-Apple ngo-2011.”

Lezi zibalo zenza ukuthi imiholo yama-CEO aseNingizimu Afrika ifane namakinati. Umbiko weDeloitte kuleli sonto udalule ukuthi ama-CEO ezinkampani ezingu-100 eziphezulu ezihweba kwi-JSE ngosuku ubegoduka nomholo olilinganiselwa ku-R69 000 ngosuku.

OLUNYE UDABA: Amabhizinisi aphika eyokugodla imali ngenhloso yokuwisa umnotho

Ngokusebenzisa izibalo ezifanayo, izibalo zeBloomberg zingasho ukuthi uCook kufana nokuthi ugoduke no-R7.3m ($557 175) usuku nosuku ngonyaka odlule.

Ngaphezu kwalokho, iningi lezikhulu eziphezulu ezifakwe ohlwini lombiko weBloomberg kufana nokuthi bezigoduka no-R3.3m (ngaphezu kuka-$253 000) usuku nosuku ngo-2016.

Ngaphambilini kwasuka omkhulu umsindo kuleli ngesikhathi iCEO yakwaShoprite, uWhitey Basson, ethola umholo ka-R49.7m kanye nebhonasi ekhethekile ka-R50m onyakeni wezimali owaphela ngoJune 2016.

ULeslie Yuill weDeloitte, wabhala embikweni wakhe waseNingizimu Afrika ukuthi udaba lomholo wezikhulu eziphezulu zezinkampani luyaqhubeka nokubasematheni emithonjeni yabezindaba kuleli kanye nakwamanje amazwe, ikakhulukazi ngegebe elikhona phakathi kwezikhulu eziphezulu kanye nabasebenzi abasemazingeni aphansi, nokuyinto athi iyakhathaza umhlaba wonke.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...