Omunye ogilwe uMMM: Ngalahlekelwa u-R35 000 ngemuva ‘kokujama’ kohlelo

2017-07-12 18:01

Cape Town – Umfundi weFin24, ongathandi ukudalulwa, ulahlekelwe u-R35 000 phakathi kwakhe kanye nesoka lakhe nelahleke ebhanoyini lodumo u-MMM ngemuva kokuthi “kwajama” i-account ngo-Ephreli 2016.

Lolu udaba lwakhe njengoba echaze kanjalo kwi-email:

Ngonyaka odlule isoka lami nami “sanikela” [ngemali] elinganiselwa ku-R35 000 phakathi kwethu sobabili ku-MMM. Ngesikhathi senza lokhu, sasizitshela ukuthi uhulumeni uyazi kanye nokuthi ngokuphelele kuqondile.

Besifuna kuphela ukuba nemali eyengeziwe yethu nyanga zonke, ngale kwemiholo yethu. Lwase uhlelo “lwajama” ngo-April 2016 ase ama-Mavros ayeka ukukhula.

[Uma ngabe abantu ‘benikela’ bathola amaphuzu (points) abizwa ngama-Mavros, nokuwuhlobo lwemali olusetshenziswa kuleli bhanoyi elasungulwa eRussia.]

Sasingajabule kahle ngalokhu, kodwa sasinethemba ngoba sathenjiswa ukuthi ngemuva kwezinyanga ezingu-6 izimali zethu zizofakwa kuma-account ethu.

Ngemuva konyaka kulandela ukuthi “uhlelo lwajama”, akekho umuntu ongasho ngokuthembeka ukuthi babuyelwa ama-"Old Mavros"  njengoba kwakuthenjisiwe, saqala ukubona ukuthi siqoliwe kanye nokuthi kungenzeka ukuthi angeke sisabuyelwa imali, ngoba akekho umuntu obengachaza ukuthi kungani besisalindile, futhi uMMM unamakhasi alinganiselwa kwamathathu aFacebook lapho abantu bexoxa khona.

OLUNYE UDABA: Ogilwe u-MMM uxwayisa ngomkhankaso omusha namaqhinga amasha

Uma uke wabhala igama elithi "Old Mavros" khona, kundiza izinhlamba [uyathukwa] futhi uvele utshelwe ukuthi uthungathe abantu [recruit] bese uyanikela futhi, kulokhu ngokusebenzisa imali entsha ebizwa nge-“bitcoin” ukuze i-"Old Mavros" izokhokhwa ngokushesha.  

[Ngesikhathi abantu sebeyeka ukunikela ngemali kwase kwaba nesomiso samaphoyinti ngonyaka odlule, u-MMM wavele walumisa lolu hlelo wase wabiza amaphoyinti ayesetholakele ngokuthi ama-“Old Mavros”. Ube usuwethula kabusha u-MMM ngonyaka ka-2017, nosuyibhanoyi elisha ceke okuzosetshenzwa ngalo.]

Ngakho saqhubeka nempilo yethu, singenathemba futhi sidonsa kanzima ngokwezimali ngoba lokho esasicabanga ukuthi kuzoba yimpumelelo kwezezimali, empeleni kwakuwukuqolwa.

Ngesonto eledlule ngangena kuwona womabili ama-account ethu a-MMM ukubona nje ukuthi ikhona into entsha. njengoba bengihlale ngenza nakumakhasi akuFacebook womabili kanye nama-account ethu.

NGATHUKA NGOMA! Bebengeke besawakhokhela ama-"Old Mavros" ethu. CHA! Manje bebesitshela ukuthi kumele sinikele FUTHI ukuze lokhu kwenzeke, kanye nokuthi sizothola kuphela u-10% walokho esakufaka njengama-"Old Mavros"!

Mina nesoka lami sithuke kakhulu futhi sicasukile ngoba ngesikhathi sibala lolu hlelo olusha, bekusho ukuthi kumele sinikele ngemali elinganiselwa ku-R350 000, ukuze sibuyelwe u-R35 000! Lowo umbhedo! Asinayo ngisho ikota yaleyo mali, imali ebesiyilondolozile (savings) ihambile!

Ngifisa engathi abantu baMMM bangayeka ukuncenga abantu ukuthi bajoyine nokuthi banikele kuMMM, ngesithembeso senkululeko yezezimali, ngoba uzolahlekelwa yimali yakho kuphela. Kunzima ukushushisa noma ngabe ubani noma ubhekane nanoma ngabe ubani, ngoba bakubiza “ngokunikela emphakathini” kanye “nabantu abasizanayo”. UKUQOLWA OKUKHULU.

Sisazozisola ngesinqumo sethu isikhathi esinde esizayo.

Ukuba nje sasazi kangcono. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...