Nayi i-network kamakhalekhukhwini eshesha ukuwedlula wonke eMzansi

2017-07-11 12:32

Johannesburg – I-website yezobuchwepheshe, iMyBroadband, iqoqe imininingwane etholakale ngobuchwepheshe bayo obuhlola ukushesha komakhalekhukhwini, iSpeed Test app, yomakhalekhukhwini abasebenzisa i-Android, nalapho ithole khona ukuthi iyiphi i-network kamakhalekhukhwini engumakhonya eNingizimu Afrika.

IMyBroadband ichome uphaphe legwalagwala isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana kuleli, uVodacom, ngokubhincisela nxaye zonke izinkampani zokuxhumana ngokushesha ngemuva kokuthi ukuhlola kwabo kukhombise ukuthi uVodacom ushaya ngesivinini esiphezulu kulabo abasebenzisa omakhalekhukhwini.

ISpeed Test sivumela abantu abasebenzisa amafoni ukuthi bakwazi ukukala ukuthi ishesha kangakanani i-internet yabo.

OLUNYE UDABA: Ogilwe u-MMM uxwayisa ngomkhankaso omusha namaqhinga amasha

Ngokwemiphumela yango-Ephreli kanye noJuni 2017 uVodacom ubushaya ngesivinini esilinganiselwa ku-28.7Mbps, ulandelwe ngu-MTN ngo-26.2Mbps.

UCell C wona ubushaya ngesivinini esingu-13.5Mbps, kwathi uTelkom Mobile wona waba sendaweni yokugcina ngesivinini sika-10.9Mbps.

Le miphumela ivela nje uVodacom usahleka wodwa ngemuva kwemiphumala yakamuva ekhombise ukuthi le nkampani inyukelwe yinzuzo.

Oyisikhulu esiphezulu kule nkampani, uShameel Joosub, watshela iFin24 ukuthi intengo yama-data ingase yehle kakhulu kumakhasimende, ngemuva kokuthi imiphumela yakamuva ikhombise ukuthi yinkulu inzuzo eyenziwe yile nkampani ngokusetshenziswa kakhulu kwama-data. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...