Lizoqondiswa izigwegwe ibamba lesikhulu esiphezulu kwa-Eskom

2017-07-19 14:00

Johannesburg – Inkampani yakwa-Eskom ephakela elakuleli ngogesi ithi uzoqondiswa izigwegwe lowo oyibamba lesikhulu esiphezulu osamisiwe esikhundleni, uMatshela Koko.

Lesi simemezelo zenziwe ngesikhathi kwethulwa imiphumela yonyaka yenkampani.

Phambilini ukukhishwa kwemiphumela yonyaka yahlehliswa kulandela imibiko ethi uKoko angase aqondiswe izigwegwe ngenxa yezinto ezingahanjiswanga ngendlela kule nkampani.

OLUNYE UDABA: Uzothola ukuvikelwa owe-ANC osongelwa ngokufa

Kuleli sonto kuphinde kwabikwa ukuthi u-Eskom usalelwe imali yokugcina engu-R20 billion kodwa usafuna ukunikeza ibhonasi lowo owaxoshwa uBrian Molefe kanye noMatshela Koko.

Kodwa le nkampani ithi akulona iqiniso ukuthi ayisenayo imali, futhi izoqhubeka nemisebenzi yayo kanye nokukhokhela abasebenzi amaholo.

UNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown ucele ibhodi lesikhashana ukuba lenze uphenyo ngemibiko yenkohlakalo bese limnikeza umbiko.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...