Lilokhu lehle njalo irandi uMzansi wehliselwa esigabeni esiphansi somnotho

2017-04-04 11:04

Cape Town – Abonakala elokhu ehle njalo amandla erandi laseNingizimu Afrika uma liqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe kulandela isinqumo sesinye sezikhungo ezikelisa iminotho yamazwe, iStandard & Poors (S&p), sokubeka izinga lomnotho wakuleli esigabeni esiphansi (junk status).

Irandi, ebeselivele lilahlekelwe u-11% ezinsukwini ezingu-7 ezedlule, liye lakhahlamezeka kakhulu ngenxa yalesi sinqumo se-S&P kanjalo nesinqumo se-Moody’s sokubuyekeza ngenhloso yokwehlisa izinga lomnotho wakuleli.

Lokhu kuholele ekutheni irandi lilahlekelwe amandla alinganiselwa ku-1.5% emahoreni angu-12 edlule.

OLUNYE UDABA: I-ANC ePhalamende akumele ilinde amaqembu aphikisayo ukugudluza uZuma

U-Adam Phillips, ongumhlaziyi e-Umkhulu Consulting, uthi ngemuva kwesinqumo sokwehlisa kwezinga lomnotho wakuleli, iNingizimu Afrika kumele ilindele ukwehla kwamandla erandi lize lifike ku-R14 uma liqhathaniswa nedola laseMelika kanye nezinye izimali zakwamanye amazwe.

Ukholwa ukuthi nezinye izikhungo eziklelisa iminotho yamazwe nazo zizokwenza okufanayo.

Ngaphezu kwalokho, abanye osomnotho bathi balindele ukuthi irandi lenze kabi kakhulu kunalokhu, njengoba abanye beqagula ukuthi lingagcina selibiza u-R15.50 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

Omunye usumnotho, uDawie Roodt, ukhale kakhulu ngohulumeni oholwa uMengameli Jacob Zuma ngokukhinyabeza umnotho wakuleli, wathi uma kungasuswa uZuma izinto zingalunga.

“Uma uZuma engasekho, izinto zizoba ngcono,” kusho uRoodt.

Zibonele eminye yemifanekiso ekhombisa ukuphelelwa ngamandla kwerandi lapha: 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...