Kuzuze u-etv ngokulahleka kwenqwaba yababukeli beSABC

2017-02-15 19:37

Cape Town – Kuphenduke kwaba yinhlekelele yodwa ukuphazamiseka kwezinhlelo zakaSABC ngesikhathi kuqhubeka imidlalo ye-African Cup of Nations 2017 (AFCON) njengoba igcine ilahlekelwe ababukeli abangu-18.8 million ngoJanuwari ngesikhathi ifaka izinhlelo zayo ezibukwa kakhulu eziteshini ezincane ekubeni imidlalo yebhola engene esikhaleni salezi zinhlelo ingazange ibadonse ababukeli.

Ababukeli bakhombise ukuyishalazela imidlalo ye-AFCON kanti ngaphezu kwalokhu abazange bayingene eyokulandela izinhlelo zabo abazithandayo ukuze bazibukele eziteshini ezincane zeSABC.

Lokhu kwehla kwesibalo sababukeli okungaphezu kuka-18.8 million kugqeme ingozi engeqiwa ntwala kulo msakazeli womphakathi njengoba kusanda kuvela ukuthi uyehluleka ukwenza inzuzo.

IGenerations The Legacy nejwayele ukudlala kuSABC1 ishintshelwe kuSABC3 – okuyisona siteshi esincane kunazo zonke eziteshini zikamabonakude zeSABC – nokuholele ekulahlekeni kwababukeli abangu-7.3 million.

OLUNYE UDABA: Abalingisi badinwe bayaveva ngesinqumo se-SABC

Lolu hlelo oluyintandokazi luhleleke ngisho nawukungena phakathi kwezinhlelo ezingu-20 ezibukwe kakhulu kuSABC3 ngoJanuwari.

Ngakolunye uhlangothi ababukeli bo-Uzalo – olujwayele ukudlala kuSABC1 kodwa obeseludlala kuSABC2 - kwehle ngababukeli abangu-6.6 million.

ISkeem Saamesijwayele ukudlala kuSABC1, naso ebese sidlala kuSABC2 – silahlekelwe ababukeli abangaphezu kuka-4.8 million.

Okuthuse kakhulu, ukuthi uZalo kanye neSkeem Saam akubanga ngezinye zezinhlelo ezingu-20 ezibukwe kakhulu kuSABC2 ngoJanuwari.

Okwenze isimo saphinde sasibi kakhulu, ukuthi awukho nowodwa umdlalo we-AFCON obe phakathi kwezinhlelo ezibukwe kakhulu.

Ngakolunye uhlangothi, ukubaleka kwenqwaba yababukeli kuSABC kwenze sanyuka ngamalengiso isibalo sababukeli bezimbangi ezinkulu, u-e.tv.

Ababukeli bomdlalo waka-e.tv, nobangisana neGenerations, iGold Diggers, banyuke bafinyelela ku-3.3 million.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...