Kuzoteleka abasebenzi bakwaShoprite Checkers ngoLwesihlanu

2017-12-20 16:00

Johannesburg - Kungase kuphazamiseke ukuthengwa kokudla ngoLwesihlanu uma abasebenzi bakwaShoprite Checkers sebebeke phansi amathuluzi.

Izinyunyana i-South African Commercial, Catering and Allied Workers Union neCongress of South African Tarde Union zimemezele isiteleka sikazwelonke samalungu eSaccawu asebenza esitolo sakwaShoprite Checkers ngoLwesihlanu wangomhlaka-22 Disemba 2017.

ICosatu ithe lesi siteleka esivikelekile kulindeleke ukuba sesekwe ngamalungu angaphezu kwangu-30 000 eSaccawu asebenza kulesi sitolo esikhulukazi.

OLUNYE UDABA:Siyaqhubeka isiteleka sabasebenzi baseMakro

Abasebenzi bafuna kube nezinguquko ngamahora okusebenza, bafuna kubuyiselwa abasebenzi baseSandton Checkers emsebenzini abaxoshelwa ukubhikishela zona lezi zinguquko, bafuna nezinto zokuhamba zabasebenzi eziphephile kulabo abasebenza ebusuku namahora aqinisekisiwe kubasebenzi abangamatoho.

"Inyunyana izobamba amamashi ahlukene emadolobheni ahlukene ezweni ngalo lolu suku," kusho okhulumela iCosatu, uSizwe Pamla.

"Le nhlangano ifuna kube nokusebenzisana kubasebenzi nabathengi ngosuku lwesiteleka."

 - TimesLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...