Kuthiwa abalindele izindaba ezimbi abashayeli bezimoto

2017-07-28 16:00

Johannesburg – Intengo kaphethiloli kulindeleke ukuthi iphinde inyuke eNingizimu Afrika, ngokusho kwe-Automobile Association (AA), nethi umbiko wentengo kaphethiloli wokuphela kwenyanga ongacwaningiwe nokhishwe yiCentral Energy Fund (CEF), uqinisekisa ukuqagula okwenziwe maphakathi nenyanga.

I-AA ithi: “Ukunyuka esikulindele ekupheleni kukaJulayi kwenziwe kakhulu ukuba ntekenteke kwerandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika."

OLUNYE UDABA:Izwe lizovala ukudayiswa kwezimoto ezisebenzisa uphethiloli, udizili ngo-2040

Le nhlangano ithi irandi yilona elibe nengxenye enkulu yomthelela kulokhu kunyuka, kanti umthelela omncane ube ngenxa yentengo kawoyela emhlabeni wonke.

Uphethiloli kulindeleke ukuthi unyuke ngemali elinganiselwa ku-20 cents ilitha, udizili wona ulindeleke unyuke ngo-31 cents, bese kuthi uphalafini wona unyuke ngo-27 cents ilitha.

U-AA uthi yize noma irandi lilokhu liqhubeka nokungazinzi, intengo kawoyela ezweni lonke isinyuke kakhulu ezinsukwini eziyishumi ezedlule.

Le nhlangano ithi uma ngabe lokhu kulokhu kuqhubeka kwenzeka kuze kube u-Agasti, abashayeli bezimoto kuzofanele “balindele ezinye izindaba ezimbi”. 

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...