Kusolwa itulo lokuqeda amaphilisi omdlavuza ukuze abize kakhulu

2017-04-18 11:01

Cape Town – Inkampani yaseNingizimu Afrika, i-Aspen, isiziphendulele mayelana nemibiko yase-UK, nesola ukuthi le nkampani ibihlela ngokuyimfihlo ukuthi icekele phansi imithi esiza ekuhlengeni izimpilo zabantu abasuke bephethwe yisifo somdlavuza nokuyindlela yokusabisa ukuze iphoqe amazwe ase-Europe ukuthi avumele ukunyuka kwentengo yawo.

Ngokombiko okhethekile ophume kwiThe Times ngomhlaka-14 ku-Ephreli, izisebenzi zase-Aspen zixoxe “ngokucekela phansi isitokwe esikhona semithi yomdlavuza ehlenga impilo empini yokuphoqelela ukunyuka okukhulu kwentengo emazweni ase-Europe”.

OLUNYE UDABA: Amanesi anike usana imishanguzo ye-HIV ngephutha

“Lesi siphakamiso senziwa e-Aspen Pharmacare ngesikhathi kunokungaboni ngaso linye nabezempilo eSpain ngo-2014 emizamweni yokunyusa intengo yemithi ize ifinyelele ku-4 000%.”

Ngokwe-Mail Online, amaphepha akhishwe yiThe Times adalule ukuthi u-Aspen “wasabisa ngokuyeka ukunikezela ngemithi” e-Italy ngonyaka ka-2013 uma ngabe izikhulu zingavumi ukuthi kunyuswe intengo, kanti ngonyaka olandelayo, “yasabisa ngokucekela phansi isitokwe” uma izikhulu zezempilo eSpain nazo zingenzi ngendlela efanayo.

“Kukholakala ukuthi iziphathimandla zase-Italy zabe sezivuma ukunyuswa kulandela ukuswelakala kwemithi ‘ngenxa yengcindezi’.”

Uphendula ngalezi zinsolo, u-Aspen, uthe lo mbiko uqukethe izinto okungeke kwakhulunywa ngazo ngenxa yokuthi zisenkantolo. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...