Kushayeke irandi uZuma enza izinguquko kwiKhabhinethi

2017-10-17 12:00

Cape Town - Irandi lilahlekelwe wu-0.5% ngemuva nje kwemizuzwana uMengameli Jacob Zuma ememezele izinguquko kwiKhabhinethi, okungumnyakazo omangaze abaningi.

Uguquko olugqamile kube ngukususwa kukaMmamoloko Kubayi eMnyangweni wazaMandla wayiswa kwezokuXhumana, njengoba kowezaMandla sengungene uDavid Mahlobo.

OLUNYE UDABA: UZuma wenze izinguquko kwiKhabhinethi

Ezinye izinguquko zibandakanya uHlengiwe Mkhize oyiswe kwesikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nezokuQeqesha, u-Ayanda Dlodlo unguNgqongqoshe omusha wezoMnyango wezaseKhaya, uBongani Thomas Bongo unguNgqongqoshe omusha wezokuPhepha koMbuso kuthi uButi Manamela abe yiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha.

Labo abasebenza ngokuhweba imali eTreasuryOne babe nemibuzo ngezinguquko ezenziwe eMnyangweni wezaMandla, bathi "kungenzeka ukuthi kunesivumelwano esisha senuzi esihlongozwayo".

Kuthe ngabo-10:59 irandi belingu-R13.37 uma liqhathaniswa nedola laseMelika, lisuka ku-R13.31. 

UBlade Nzimande nguyena kuphela ungqongqoshe odliwe yizembe ngesikhathi kwenzeka lezi zinguquko.

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...