Kushayeke irandi i-ANC iphakamisa eyokufakwa kweReserve Bank ngaphansi kukahulumeni

2017-07-05 16:01

Cape Town – Irandi lithole ukushayeka ngoLwesithathu ngemuva kokuthi iBloomberg ibike ukuthi i-African National Congress (ANC) yenze isiphakamiso sokuthi ibhangengodla lakuleli, iSouth African Reserve Bank (SARB), kumele lifakwe ngaphansi kukahulumeni ngokuphelele, ngokusho kwabantu abathathu abasondelene nalolu daba.

Irandi lehle ngo-1.5% layofinyelela ku-R13.45 uma liqhathaniswa nedola ngo-12:55 kodwa labuye labuyelwa ngamandla lafinyelela ku-R13.38 uma liqhathaniswa nedola ngo-13:10.

“Izindaba ezivela engqungqutheleni ye-ANC kazwelonke yenqubomgomo zithi i-ANC iphakamisa ukuthi iSARB ibe yibhange eliphethwe nguhulumeni,” iTreasuryOne itshele abatshali bezimali emyalezweni ngoLwesibili. “Lokhu akuzange kuhlale kahle erandini kanti selinyuke lafinyelela ku-13.4500,” isho kanje. Irandi selibuyile kancane kanti manje liku-13.3800.”

OLUNYE UDABA:Amabhizinisi aphika eyokugodla imali ngenhloso yokuwisa umnotho

IBloomberg ibike ukuthi lesi siphakamiso siye savunywa emhlanganweni we-ANC obuqhubeka engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC eGoli ngoLwesithathu, ngokusho kwabantu abacele ukuthi bangadalulwa ngoba akukakakhishelwa emphakathini. Izinqumo ezithathwe engqungqutheleni yenqubomgomo ephela ngoLwesithathu, kudingeka ukuthi zenziwe zibe imigomo ngokusemthethweni engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

Kusukela yasungulwa ngonyaka ka-1921, iReserve Bank ibihlale iphethwe ngabanikazi abazimele abangenalo izwi emigomweni kanye nokuqokwa komphathi waleli bhange.

Kwayekwa ukuhwetshwa ngamasheya aleli bhange kwi-Johannesburg Stock Exchange kusukela ngonyaka ka-2002.

IReserve Bank inabanikazi bamasheya abangaphezu kuka-600 abazimele nabangakwazi ukuthi umuntu ngayedwa abe namasheya angaphezu kuka-10 000.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...