Kuqine irandi uRamaphosa edla umhlanganiso

2017-12-18 21:09

Johannesburg – Ngaphambi kokumenyezelwa kukaCyril Ramaphosa njengomengameli omusha we-ANC, irandi liqine lafinyelela ezingeni eliphezulu selokhu lagcina ngoMashi nonyaka njengoba bekubonakala ukuthi angase adle umhlanganiso.

Ngemuva kokuqinisekiswa kwezindaba zokuthi uRamaphosa nguyena umengameli omusha we-ANC, liqine cishe ngo-4%  uma liqhathaniswa nedola laseMelika njengoba libengu-R12.55.

OLUNYE UDABA: URamaphosa ngeke alisize ngalutho izwe- Maimane

Usomnotho wakwaStandard Bank uGoolam Ballim uthi njengoba sekuwine uRamaphosa ukukhula komnotho kuzovuseleka.

Abantu abaningi banethemba lokuthi umnotho wezwe ngeke uphinde wehliswe ngama-rating agency.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...