Kumiswe ukudayiswa kwezinkukhu eziphilayo ngenxa yegciwane

2017-06-29 12:31

Cape Town – Ukudayiswa kwezinkukhu eziphilayo eNingizimu Afrika sekumisiwe kuze kube odokotela bezilwane kuleli baqinisekisa ukuthi izinkukhu zakuleli kazinalo igciwane lomkhuhlane onamandla, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo, amaHlathi kanye nezokuDoba, uSenzeni Zokwana.

Esithangamini sabezindaba ngoLwesine, uNgqongqoshe umemezele ukungenelela koMnyango kulandela ukubheduka kwegciwane elesatshwa kakhulu, i-H5N8, emapulazini amabili eMpumalanga.

UZokwana uthe sekumisiwe kuzona zonke izindawo kuleli ukudayiswa kwezinkukhu eziphilayo kuze kube kutholakala isiqiniseko sokuthi lesi sifo kasihlasele kuleli.

NgoMsombuluko ebusuku uMnyango uqinisekise okwesibili ukuthi kutholakale lesi sifo eStanderton, ngemuva kokuba okokuqala sibonakale ngaseVilliers ngoLwesine olwedlule.

OLUNYE UDABA: Amabhizinisi aphika eyokugodla imali ngenhloso yokuwisa umnotho

I-H5N8, engeyona ingozi kubantu, isiholele ekufeni kwezinkukhu noma okusazinyoni okungafinyelela kwisigidi emhlabeni wonke.

Izinyoni zasendle kuthiwa zinomthelela ekubhebhethekeni kwaleli gciwane.

UZokwana uthe abantu abadayisa izinkukhu eziphilayo kudingeka babhalise kwiSouth Africa’s Poultry Disease Association.

Abadayisi nabathengi ababhalisile kuphela abazovunyelwa ukuhweba. Uthe abadayisi kudingeka baqinisekise ukuthi izinkukhu bazithenga kubantu ababhalisiwe ngoba lokho kusho ukuthi izinkukhu zihloliwe.

Ugcizelele ukuthi leli gciwane aliyona ingozi kubantu waphinde wathi nalezo zinkukhu ezisemafrijini ezitolo zikulungele ukudliwa ngoba zona zihloliwe.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...