Kumele yehle intengo yama-data - Icasa

2017-08-03 07:03

Cape Town – Kumele ancishiswe amanani okubiza kwama-data, lawa ngamazwi kaSihlalo we-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) uRubben Mohlaloga lapho abetshela khona iPhalamende ngoLwesithathu.

Uthi iyinkinga indaba yokungacaci kahle kanye nokubiza kakhulu kwama-data.

UMohlaloga utshele ikomodi lezokuxhumana nemisebenzi yomphakathi ukuthi bazobuyekeza umthetho omayelana nemali ekhokhwayo embonini yezokuxhumana ngomakhalekhukhwini.

Uthe enye yezinto abazozibhekisisa wukuphelelwa yisikhathi kwama-data agcine esedleka engakapheli, kanti bona bazi ukuthi akumele aphelelwe yisikhathi uma umuntu ewathengile.

OLUNYE UDABA:UCell C wehlise kakhulu ama-data, ungase umise kabi izimbangi

Leli komidi lizwe ukuthi asikho isizathu esizwakalayo esuphuma ezinkampanini maleyana nokubiza kangaka kwama-bundle ama-data.

I-Icasa ithi isizwile isikhalo sabantu bakuleli ngamanani amba eqolo ama-data, yingakho elusukumela lolu daba.

UMohlaloga uthi ama-data aseNingizimu Afrika abiza kakhulu ukudlula awamazwe akhelene nayo njengeMalawi, Tanzania, Mozambique neLesotho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...