Kubatshazwa ubuhlakani befoni yeSony ezobiza ukuwedlula wonke kuleli

2017-06-26 19:31

Johannesburg – Ifoni entsha ewubukhazikhazi yakwaSony, iXperia XZ Premium, kulindeleke ukuthi iqale ukutholakala ezitolo zaseNingizimu Afrika ngoJulayi.

Kodwa-ke amakhasimende akwaMTN angakwazi ukuthi eqe emugqeni uma ngabe eyilangazelele ngempela le foni ethembisa ubuchwepheshe obesezingeni eliphezulu kakhulu.

Kubukeka sengathi abakwaSony abashayanga eceleni ngokubiza le foni njengesezingeni eliphezulu njengoba imba eqolo futhi ishaya ngobuchwepheshe obuphezulu kakhulu ukudlula izimbangi zayo.

Le foni yethulwa okukuqala kwi-Mobile World Congress eBarcelona ngaphambilini kulo nyaka, nalapho yavotelwa khona njenge-Best New Smartphone kulo mcimbi.

OLUNYE UDABA: ISEXWAYISO: Bangase baboshwe o-admin baWhatsApp eMzansi

Izithombe zayo zizobe zicace bha njengoba izobe ishaya ngo-4 000 resolution – nokuyi-resolution enkulu kakhulu kwakhona – ibhincisela nxanye amafoni akwa-Apple kanye noSamsung. Ikhamera yayo eshaya ngo-19 megapixel iwushiyela kude u-12 megapixel wekhamera yefoni yakwaSamsung okuyiyona ehamba phambili. Ngaphezu kwalokho iphinde ishaye nangobuchwepheshe obuphezulu bokubuka ama-video ngonyawo lonwabu (slow motion video) nokuwubuchwepheshe bokuqala ukuthi butholakale kuma-smartphone.

Uma ngabe iqopha ikwazi ukuthatha u-960 frames ngomzuzwana ngamunye (second) nokuwumfanekiso ongakwazi ukuthi ubuye uwudlale amahlandla amane ngesivinini esiphansi okudlula noma ngabe iyiphi enye i-smartphone, kodwa isuke isaqhubeka nokudlala ama-video acace bha yize noma isivinini sawo sisuke sesehle kakhulu.

Ngale kwekhamera esezingeni eliphezulu, le foni iphinde ishaye nangobuchwepheshe bokubhala imiyalezo efonini ngokuthi ukhulume, ubuchwepheshe bokubheka izinhlelo zakho kwikhalenda obuhlukile, ukubheka kanye nokupequlula efonini ngaphandle kokuthi uze uyithinte nokuyithinta.

Kodwa-ke iSony Xperia XZ ngenye yamafoni azobiza ukuwedlula wonke eNingizimu Afrika, okudlula ngisho ne-iPhone 7 Plus kanye neSamsung Galaxy S8+.

U-MTN uzonikeza amakhasimende okuqala angu-100 azofaka ama-order okuthenga le foni ngaphambi kokuba ifike kuleli ubuchwepheshe obufakwa endlebeni okwazi ukubusebenzisa ukuthi wenze izinto eziningi efonini ngaphandle kokuthi uze uyithinte (Xperia Ear personal assistant). Lobu buchwepheshe bubiza u-R 2 499 ngokwenani. 


- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...