Konke sekubuyele esimweni ngenkinga ka-WhatsApp

2017-05-04 19:30

Johannesburg – Isisebenza ngendlela ejwayelekile inkundla yezokuxhuma eyintandokazi uWhatsApp kulandela izinkinga zokungasebenzi kwayo emhlabeni wonke, nokwenze inqwaba yabantu abasebenzisa uWhatsApp bangakwazi ukuthumela kanye nokwamukela imiyalezo.

I-website iDowndetector.co.za, ekala ukungasebenzi ngendlela kwezinkundla zokuxhumana, ibike ukuthi ibikelwe ngezinkinga ezingu-3 496 eNingizimu Afrika ngezikhathi zabo-23:00 ngoLwesithathu ebusuku, nalapho kuphinde kwaba nemibiko engu-58 ngoLwesine ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kuzoba nezinguquko ezingu-6 ezinkulu kuWhatsApp

Iphephandaba elizinze e-UK, iDaily Mail, libike ukuthi isikhathi esingamahora amabili abantu abasebenzisa uWhatsApp bebengakwazi ukuthumela kanye nokwamukela imiyalezo ebusuku.

Izingxenye zomhlaba okubalwa kuzo i-Africa, i-Europe, iSouth America kanye neMelika zibhekane nale nkinga yokungasebenzi kukaWhatsApp nalapho kuye kwaba nokuphawula okuningi enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngokungasebenzi kukaWhatsApp ngaphansi kwama-hashtags okungu-#WhatsAppDown kanye no-#WhatsAppisDown.

Kodwa-ke kuthe kusa ngoLwesine le nkundla yezokuxhumana yabe isisebenza njengokujwayelekile.

UWhatsApp, nokuyinkundla yezokuxhumana engaphansi kwenye inkundla yezokuxhuma uFacebook, kwabikwa ukuthi unabantu abawusebenzisayo abangaphezu kuka-1 billion ngoFebhuwari wangonyaka ka-2016.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 18-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...