Izomba eqolo i-iPhone 7 esizotholakala naseMzansi

2016-09-30 14:32

Johannesburg -  Kulindeleke ukuthi liguge iphakethe kulabo abazimisele ngokuba ngabanikazi befoni entsha yakwa-Apple, i-iPhone 7.

I-iPhone 7 idume ngobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu kanti ithandwa kakhulu yilabo abadla izambane likapondo.

Ngokusho kwe-myistore.co.za. i-iPhone 7, i-iPhone 7 Plus kanye ne-Watch Series 2, kuzofika eNingizimu Afrika ngomhlaka-14 ku-Okthoba.

OLUNYE UDABA: Isidale imililo ifoni yeSumsung egqamuka amalangabi

I-iPhone 7 izobiza u-R14 999 kanti labo abafuna i-iPhone 7 Plus kuzomele bahlukane no-R17 499.

Iwashi (i-Watch Series 2) elizobe lishibhi kunawo wonke lizoba nguR6 899 kanti elibiza kunawo wonke lona lizotholakala ngo-R19 499.

Abakwa-iPhone sebeyishiye phansi indawo yokufaka ama-headphone kwifoni yabo njengoba le entsha izosebenzisa okukulalela okufakwa ezindlebeni okungenazo izintambo (wireless earbud).

Ngale kwalokho le foni izokwazi ukuvikeleka uma ithelwa amanzi noma izintuli kanti newashi lakhona lizoba nobuchwepheshe obengeziwe futhi lizovikeleka uma ubhukuda nalo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...