IZITHOMBE: Kungenzeka ifanelwe ukubiza u-R18 499 iSamsung Note 8 entsha

2017-08-25 11:00

Johannesburg – Inkampani yezobuchwepheshe yaseSouth Korean, uSamsung, usuwethule kabusha ubutsetsetse befoni yawo eyasusa umsindo kakhulu emhlabeni wonke, nezobiza kakhulu kunawo wonke amafoni awo.

Emcimbini obusakazwa bukhoma kwi-internet nobuseGoli ngoLwesithathu kusihlwa, uSamsung umemezele ukuthi iNote 8 izofika eNingizimu Afrika ngomhlaka-22 Septhemba nalapho izobe Ibiza khona isamba semali engu-R18 499.

Kodwa-ke iNote 8, kungenzeka ukuthi iyifanele le mali ngenxa yokuthi iyi-phablet esezingeni eliphezulu kakhulu okwamanje ku-2017.

Le foni kanokusho ishaya nge-screen esingu-0.6 inch – nokuyi-screen esikhulu kunese-Note 7 sona esingu-6.3 inches, nokuyenza kube yifoni ene-screen esikhulu kakhulu kuma-smartphone akwaSamsung.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Ifoni entsha yakwaNokia ayisayingeni ayama-Selfie, isidlise ngama-Bothie

INote 8 kulindeleke ukuba ibize inani elingu-R869 ngenyanga kulabo abazoyithenga ngesivumelwano senkontileka yezinyanga ezingu-24.

Ngonyaka odlule iNote 7 yaba ifoni esasuse umsindo omkhulu cishe kunawo wonke emlandweni, kulandela ukubikwa kwezigameko eziningi emhlabeni wonke zokugqamuka kwayo amalangabi.

Lokhu kwaholela ekutheni igcine isivaliwe ezikhumulweni eziningi zezindiza, okubalwa kuzo neSouth African Airways.

Zibonele izithombe zalobu butsetsetse befoni kanokusho ngezansi: 

       

       

           

                             

- Finance Week

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...