Izinkampani ezimbili ezikhiqiza ikhemikhali zihlawuliswe u-R37m

2017-07-14 11:01

Johannesburg - Ukhomishana wezokuncintisana uzohlawulisa izinkampani ezimbili ezikhiqiza amakhemikhali ngamacala okukhwabanisa.

NgoLwesine ukhomishana uthe izinkampani ezimbili ezibandakanyeka ekukhiqizeni izinsiza zamakhemikhali njengezinto zokukhuculula, izonto zokugeza, ukugcoba kanye nokuziphaqula zivumile ukukhokha inhlawulo ngokukhwabanisa amanani nokuhlukanisa phakathi le mboni.

OLUNYE UDABA:Angase ehle amanani ka-petrol, kodwa kunesexwayiso

I-Investchem kanye ne-Akulu Marchon yizinkampani ezikhiqiza izinsiza eziningi ezahlukahlukene.

Lo khomishana uthi i-Investchem ivumile ukukhokha inhlawulo ka-R23.4 million kanti i-Akulu yona izokhokha u-R13.9 million ngokwesivumelwano.

NgoDisemba 2014 lo khomishana wenza uphenyo kuzo zombili lezi zinkampani kwaphoqeleka ukuba kume ukusebenza.

Lo khomishana uthi ngeminyaka ephakathi kuka-2003 kuya ku-2013 i-Investchem ne-Akulu Marchon zakhwabanisa amanani nokuhlukanisa phakathi lemboni ngokungakhangisele amakhasimende afanayo.

Lokhu kusho ukuthi inkampani ngayinye ibinamakhasimende ayo le enye yayingawakhangiseli imikhiqizo nokuyisimo esenza kungabi bikho ukuncintisana nokuqhudelana ukuze amakhasimende abe nokuzikhethela, kubika iThe Citizen.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...