Izindaba ezizojabulisa abashayeli bezimoto

2017-07-01 14:52

Cape Town – Amanani kaphethiloli azokwehla ngo-69c ilitha ngoLesithathu oluzayo, kuthi amanani kadizili wona ehle ngo-60c ilitha, kusho uMnyango wezaMandla ngoMgqibelo.

Ukuqina kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika kubenomthelela omkhulu okwehleni kwamanani kaphethiloli.

Lokhu kwehla kwamanani kaphethiloli kulandela okunye ukwehla kwawo okubonakale ngoJuni ngesikhathi ehla ngo-25c ilitha kulandela ukwenyuka kwawo ngo-30c ilitha ngoMeyi.

OLUNYE UDABA: Umsindo kuvela ukuthi i-CEO yenkampani edumile ihola u-R7.3m ngosuku

Ngasekuqaleni kwesonto i-Automobile Association ithe amandla arandi aqhubekile nokuqina nakuba uMvikeli  woMphakathi enza ezincomo ezazususa umsingo ngebhange loMbuso.

Ngokunjalo amanani kawoyela emhlabeni aqhubekile nawo nokwehla, nokube nomthelela nakho ekwehleni kwamanani kaphethiloli.

I-AA kodwa ithe abantu kumele uma benza isabelomali, bakubeke emqondweni ukuthi amanani angase aphinde enyuke ngenxa yesimo somnotho esingesihle kanjalo nesimo sezepolitiki.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...