ISITHOMBE: Izobukeka kanje iNokia 3310 entsha

2017-02-27 11:03

Barcelona – Inkampani yaseFinland iHMD – nokuyikhaya elisha lamafoni akwaNokia – isibuyise ifoni yayo eyayingoconsi phansi esikhathini esingaphambilini, i-3310.

Le foni ithi ayifane nale endala yize noma sekunoshintsho oluncane ngenxa yobuchwepheshe obengezwe kuyona nokuyenza ithi ukuheha.

Abathandi balo makhalekhukhwini bazohleka bodwa uma sebezwa izindaba zokuthi ushaya ngomdlalo wawo ongaconsi phansi, iSnake.

OLUNYE UDABA: UNokia uzobuyisa i-3310 yodumo

Le 3310 entsha yethulwe kabusha emcimbini weMobile World Congress, obuse-Barcelona, nalapho kuphinde kwethulwa khona amanye amafoni akwaNokia okubalwa kuwo iNokia 3, 5, kanye ne-6 nakungamafoni asebenzisa ubuchwepheshe be-Android.

I-3310 yethulwa okokuqala ngonyaka ka-2000 nalapho yaba ngenye yamafoni angaconsi phansi eNingizimu Afrika yaphinde yaba ngenye yamafoni aba nempumelelo enkulu emhlabeni.

Ukufika kwale foni kwalandelwa ukwanda kwamafoni anama-screen anemibala kanye namafoni angalusebenzisi uluthi.

U-HMD wathola imvume yokwakha amafoni akwaNokia kanti usugxile kakhulu ekwakheni amafoni angenabo ubuchwepheshe obusezingeni obuphezulu.

Zibonele isithombe seNokia 3310 entsha ngezansi: 

 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...