ISITHOMBE: Ingase yakhiwe nge-glass, ishajwe ingaxhunyiwe, i-iPhone elandelayo

2017-08-11 12:30

Johannesburg – Ama-iPhone alindelwe ngabomvu – ikakhulukazi i-7S kanye ne-7S Plus – angase akhiwe ngezingilazi ngokuphelele ngemuva bese ephinae eshajwa ngaphandle kokuthi aze axhunywe kugesi, uma ngabe ulwazi oluputshuke kwi-internet luyiqiniso.

Izithombe ze-iPhone elandelayo zaqala ukuputshuka nge-Apple tipster Sonny Dickson kwase ngokuhamba kwesikhathi zashicilelwa yi-website eshicilela izindaba kanye namahlebezi ngo-Apple, i-9to5mac.

I-iPhone elandelayo kulindeleke ukuba ishaye ngengilasi ngemuva, esikhundleni sokusebenzisa i-aluminium kanti futhi izobe ishaya nangobuchwepheshe obuzokwenza ukuthi ukwazi ukuyishaja ngaphandle kokuthi uze uyixhume ngekhebula lokushaja.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ifoni entsha sha yakwa-KFC ‘econsisa amathe’

Kunokuqagula okuningi kokuthi i-Apple izosika iphethini kuma-smartphones akhishwe kulo nyaka, afana neSamsung Galaxy S8 kanye neLG G6, okubalwa kukho nokuba ne-screen esidle ngokuvuleka.

Akukacaci okwamanje ukuthi i-iPhone elandelayo izobizwa ngani kodwa njengoba ngonyaka odlule kwakhishwa i-iPhone 7, maningi amathuba okuthi elandelayo kuzoba i-“7S”, ngokwendlela yangaphambilini okuqanjwa ngayo lamafoni.

Le foni kulindeleke ukuba imenyezelwe emcimbini waminyaka yonke we-Apple ngoSepthemba, nalapho uguqagula okuningi kwaku-internet sekuholele ekutheni le foni ibizwe nge-iPhone 8 – beshiya phansi indaba ye-7s.

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...