'Isikweletu sika-R1bn sokudla sakwaPnP sitshengisa ukushuba kwesimo somnotho'

2018-04-21 11:03

Isikweletu sika-R1bn sokudla esenziwe amakhasimende kwaPick n Pay siyizinkomba zokushuba kwesimo somnotho kuleli yingakho abantu sebeguqukela ekukweleteni ukudla ukuze bondle imindeni yabo, kusho iDebt Rescue ngoLwesihlanu

Lesi sitolo esikhulukazi simemezele ngoLwesine ukuthi amakhasimende aso angu-56 000 anamakhadi okukweleta ukudla kanti isikweletu simi ku-R1bn kusukela la makhadi ethulwa ngoSepthemba 2017.

“Njengoba benze isikweletu sika-R1bn lokho kutshengisa ngokusobala ukuthi sishube kangakanani isimo," kusho lowo oyisikhulu esiphezulu sakwaDebt Rescue, uNeil Roets.

Le nkampoani eluleka abantu ngezikweletu iveze ukuthi ukwakheka kwesikweletu sika-R1bn esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha kusho ukuthi "yinkulu inkinga" amakhasimende akuleli abhekene nayo.

OLUNYE UDABA: Kukhalwa ngokuphela kwemisebenzi ngohlelo olusha lwakaPick n Pay

“Kuyacaca ukuthi abantu abasazi benzenjani, sebencamela ukungena ezikweletini ukuze bondle imindeni yabo," esho.

UPick n Pay wathola ukugxekwa ngonyaka owedlule ngesikhathi wethula lolu hlelo, njengoba abanye abantu babekhathazeke ngokuthi luzobishisa kakhulu amakhasimende avele esevele ngemiqala ezikweletini.

Lesi sikhondlakhondla sazivikela ngokuthi la makhadi abalwa namanye anohlelo olungambi eqolo njengoba enikeza amakhasimende izinsuku ezingu-55 ukuba akhokhe isikweletu.

Thola udaba oluphelele lapha.

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...