Isidaluliwe inhlobo kamakhelekhukhwini engaconsi phansi kubantu bakuleli

2017-07-07 07:11

Johannesburg - USamsung ulokhu uqhubeke njalo nokuba yintandokazi komakhalekhukhwini besimanjemanje abakhona eNinizimu Afrika, kusho iSouth Africa Mobile Report 2017. 

Lo mbiko okhishwe yi-Effective Measure kanye ne-Interactive Advertising Bureau (IAB) uthathelwe kwinhlolovo eyenziwa kubantu ababalelwa ku-5 000 abasebenzisa i-internet ngomakhalekhukhwini babo kulona lonke leli.

Kuthiwa iSamsung ihamba phambili ngamagxathu amane kubathandi bayo uma iqhathaniswa nembangi yayo, kusho lo mbiko.

“Abantu bathatha uSamsung njengomholi emakethe kanti bakhetha la mafoni ngoba afeza izidingo zabo,” kusho uCraige Fleischer, onguMqondisi we-Integrated mobility kwaSamsung South Africa.

OLUNYE UDABA: U-Samsung usumise ukwakhiwa kwefoni egqamuka umlilo – umbiko

Ukubaluleka kwefoni engena ku-internet kugqanyisiwe amakhasimende njengoba u-78% walabo abenze inhlolokhono beveze ukuthi bagcine ukungena ku-internet besebenzisa amafoni ngayizolo.

Ngaphezulu, u-35% wabantu abebeyingxenye yenhlolovo baveze ukuthi into yokuqala abayenzayo uma bevuka ekuseni ukuthatha omakhalekhukhwini bangene ku-internet kanti omunye u-36% uthe ungena ku-internet ngomakhalekhukhwini ube ubukele nomabonakude eceleni.

Omunye u-13% awukufihlanga ukuthi uyangena ku-internet ngisho usendlini encane.

"ISamsung kusukela kwathi nhlo igxila kakhulu ekuqhamukeni namasu amasha; okubalwa indlela amafoni abukeka ngayo kanye nokwenza kube lula ukuwasebenzisa,” kusho uFleischer.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...