Isidale imililo ifoni yeSumsung egqamuka amalangabi

2016-09-20 11:32

Durban – Ziyaqhubeka nokwanda izinkinga zokuqhuma nokugqamuka kwemililo edalwa yiSamsung Note 7 nosekwenze le foni edume ngobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ibe sematheni.

Izehlakalo eziningi esezibikiwe mayelana nokuqhuma kwe-battery yale foni zisukela ezimotweni ezivutha amalangabi kanye nokuvutha kwezindlu.

USumsung uthi lokhu kudalwa “yinkinga encane ye-battery” kanti usucele ukuba ibuyiselwe emumva.

Lesi sikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe sithi sezingu-35 izigameko esezibikiwe ngama-Note 7anenkinga kusukela mhla lulunye kuSepthemba.

OLUNYE UDABA: Indoda idubule intombi yashona kubangwa iselula

Ngesonto eledlule, ngoLwesibili, imoto yavutha amalangabi eFlorida, ezweni laseMelika kanti umshayeli wayo wakhala ngokuthi ubekade eshaje ifoni yakhe emotweni ngesikhathi iqhuma.

Ngaphezu kwalokho umlisa wase-South Carolina, khona eMelika, wabuya ikhaya lakhe selivutha amalangabi emva kokuthi eshiye ifoni yakhe eyishajile. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...