ISEXWAYISO: Bangase baboshwe o-admin baWhatsApp eMzansi

2017-06-23 17:59

Johannesburg – Labo abango-admin bama-group aWhatsApp eNingizimu Afrika bangase babhekane nejele ngezinto ezehlisa isithunzi ezibhalwa kulama-group. ngemuva kokuboshwa komunye obengumlawuli (administrator) ye-group e-India ngesonto eledlule.

UWhatsApp usanda kuba sematheni ngemuva kokuthi kuboshwe u-administrator we-group yayo ngenxa yesithombe esehlisa isithunzi sikaNdunankulu waseNdiya, uNarendra Modi, nesadluliswa elinye ilungu le-group, ngokombiko weHindustan Times ngoMeyi.

Leli cala seliqubule enkulu inkulumompikiswano eNingizimu Afrika mayelana nokuthi labo abango-admin baWhatsApp bangajeziswa ngezinto ezehlisa isithunzi ezifakwa khona noma ngabe azifakwanga uyena qobo lo ongu-admin we-group.

OLUNYE UDABA: UTwitter ne-App entsha edla kancane ama-data

Akukacaci noma izinkantolo zaseNingizimu Afrika zizohamba esinyathelweni esifanayo yini nesale nkantolo yase-India, ngokuchaza kukaSimon Colman, oyi-Executive Head of Digital Distribution eStalker Hutchison Admiral, nokuyinkampani engaphansi kukaSantam.

“Kodwa-ke izinkantolo zakuleli maningi amathuba okuthelelwa okwenzeka emhlabeni mayelana nokujeziswa ezinkundleni zokuxhumana.” utshele iFin24.

Izinkampani zemishwalense eNingizimu Afrika seziqalile ukusebenzisa imigomo yezinkundla zokuxhumana, kusho uColman.

Uthi sekube nokunyuka kwamacala okwehlisa isithunzi , ikakhulukazi kuFacebook eNingizimu Afrika.

UColman uxwayise ngokuthi amanye ama-group aWhatsApp asemakhulu ngale ndlela yokuthi agcina eselahlekelwa ukuba yinto yangasese kwawo bese egcina eseyinkundla yomphakathi. Ngalokho, abantu bangajeziswa ngokuphawula kwabo. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...