ISantaco isimise isiteleka ebesihlelelwe umhlaka-12 kwephezulu

2017-07-06 11:02

Johannesburg – Osomatekisi sebethathe isinqumo sokumisa isiteleka esingukhukhulelangoqo samatekisi ebesihlelelwe umhlaka-12 Julayi, njengoba kulindwe imiphumela yezingxoxo noNgqongqoshe wezokThutha uJoe Maswanganyi.

ISouth African National Taxi Council ifuna amalayisensi angakalelwa sikhathi, ukuze osomatekisi bezokwazi ukuthola usizo lwezimali zokuthenga amatekisi emabhange ngaphandle kokubizwa inzalo emba eqolo, kusho okhulumela iSantaco, uThabiso Molelekwa, engxoxweni abe nayo neKaya FM.

Lo mkhandlu uzohlangana noMswanganyi ngoLwesihlanu, esho.

OLUNYE UDABA: ISantaco eKZN ixwayisa ngokungenela esinye isiteleka

Ngenyanga eyedlule, osomatekisi bavala eminye yemigwaqo emikhulu kuleli eGauteng, kwama nse yonke into.

Iningi labantu abamnyama kuleli, kunesilinganiso sokuthi u-80% wabo uncike ematekisini mayelana nezinto zokuhamba, njengoba iningi labo besahlala ngaphandle kwamadolobha ngenxa yensila yobandlululo.

Amatekisi anomlando wokungabi sesimeni esikahle ngenxa yokuthi abanikazi bawo abanayo imali edingekayo ukuwalungisa.

Osomatekisi bangenela isiteleka bemelene namanani okudayiswa kwamatekisi ohlobo lwe-Toyota Quantum - okwaholela ekutheni kube nesiminyaminya emgwaqeni kwaze kwaphazamiseka nokuhamba kwabosizo lokuqala.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...