Inyunyana kaVavi neFedusa embangweni wegama

2017-04-18 18:02

Johannesburg – Umfelandawonye omusha wezinyunyana zabasebenzi osungulwe yilowo owayenguNobhala Jikelele weCosatu, uZwelinzima Vavi, ungase uphonselwe inselelso enkantolo ngegama lawo lesikhashana.

Ngokwe-Federation of Unions of South Africa (Fedusa), lo mfelandawonye wezinyunyana kaVavi, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), unegama elizwakala ngendlela efana ncamashi nelawo. Ummeli walo mfelandawonye, uCliffe Dekker Hofmeyer, usebhalele uVavi incwadi efuna ukuthi kushintshwe igama le-Saftu.

Esitatimendeni esikhishwe yiFedusa, lo mfelandawonye uveze ukuthi uzonikela eNkantolo yezabaSebenzi uma iSaftu ingasiphenduli isicelo sayo.

OLUNYE UDABA: UVavi uthi izinyunyana azisawenzi umsebenzi obekelwe zona

Ekhuluma nabeFin24 ngocingo, uNobhala Jikelele weFedusa, uthe lo mfelandawonye ukhathazekile ngokufana kwala magama.

“Uma ubheka igama, kuningi okufanayo.”

UHofmeyer uthi iFedusa isizakhele igama iminyaka engaphezu kwengu-20, ngakho “omunye umuntu” angeke akwazi ukuvele enze umfelandawonye onegama elifanayo.

Ube eseluleka uVavi ngokuthi okungcono aqambe umfelandawonye wakhe ngokuthi yi-“circle of trade unions” noma yi-“assembly of trade unions”.

Kodwa-ke uVavi ushaye phansi ngonyawo, wathi njengoba incwadi ithunyelwe ummeli weFedusa lokho sekusho ukuthi kuzomele “kuhlanganwe enkantolo” ukuxazulula lolu daba.

“Ayikho nakancane into ecishe isondelane phakathi kweFedusa neSaftu,” usho kanje.

Njengamanje iSaftu imele izinyunyana ezingu-23 zabasebenzi. Lo mfelandawonye uzokwethulwa ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, mhlaka-21 ku-Ephreli. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...