Intukuthelo ngoShoprite kulandela isiteleka sabasebenzi

2017-12-22 16:00

Cape Town - Abantu bazwakalise intukuthelo yabo ezinkundleni zokuxhumana kulandela imibiko yokuthi abasebenzi bakwaShoprite babeke phansi amathuluzi ngoLwesihlanu, bekhala ngempatho engeyinhle ezitolo zale nkampani.

Abasebenzi abangaphansi kweSouth African Commercial‚ Catering and Allied Workers Union (Saccawu) neCosatu yibo abangenele isiteleka kwaShoprite nakwaCheckers.

Ezinye zezikhalazo zalezi zinyunyana yisibalo sabasebenzi abayitoho kanye nokubuyekezwa kwamahora okusebenza.

UShoprite nokho uthi "yidlanzana" kuphela elingenele lesi siteleka, kepha wangacacisa ukuthi lesi siteleka sibathikameze kanjani.

OLUNYE UDABA: Bamisiwe onogada bakwaShoprite kulandela esokushaya ikhasimende

"Inkampani iphoxekile ekuttheni amakhasimende angase angakwazi ukuthenga ngendlela ebihlele ngayo njengoba kuyisikhathi samaholidi, kepha iyawahlonipha amalungelo abasebenzi okuteleka ngokuthula nangendlela ehambisana nomthetho.

"Siyethemba ukuthi sizokwazi ukuhlinzeka amakhasimende ethu ngezidingo futhi siwagcine ejabule kanti siyawabonga ngokuqonda isimo esingaphansi kwaso. Sithathe izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi zonke izitolo ziyavulwa futhi zisebenza ngokwejwayelekile," kusho le nkampani esitatimendeni.

ISaccawu iphikile ukuthi lesi siteleka singenelwe "yidlanzana".

"UShoprite vele udumile ngokufafaza amanga," kusho iSekela lesibili likaMengameli weSaccawu, uMike Tau, etshela iNews24.

Abantu bazwakalise intukuthelo yabo ngoShoprite ezinkundleni zokuxhumana:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...