Inkampani yamaselula ifuna isixazululo kolwabasebenzi abaxoshwe nge-SMS

2017-05-19 11:00

Johannesburg – Inkampani yamakhalekhukhwini, iHuawei, eNingizimu Afrika ithi inkampani eyihlinzeka ngabasebenzi, nexoshe abasebenzi abayitoho ngemiyalezo ye-SMS ngoLwesibili, iyabhekana nalolu daba.

Ngemuva kokuxoshwa, la basebenzi abangabashayeli babe sebevala umgwaqo uGrayston Drive eSandton, eGoli, ngezimoto nokudale esikhulu isiminyaminya sezimoto isikhathi esingamahora. Baphinde baqhubeka futhi nemibhikisho nangoLwesithathu.

IHuawei utshele iFin24 ngoLwesine ukuthi abashayeli abavale umgwaqo basebenzela i-Adcorp Blu, nokuyinkampani ehlinzeka uHuawei ngabasebenzi besikhashana.

OLUNYE UDABA: Abakwa-Ford bazodiliza abasebenzi abangu-1400

I-Adcorp Blu ixoshe abasebenzi abangu-47 bayo ngomhlaka-16 kuMeyi ngokungalandeli isivimbezelo esibavimbela ukuthi babambe umbhikisho ongekho emthethweni.

Lo mbhikisho umayelana nesinqumo sikaHuawei sokushintsha uhlelo lwezokuthutha – njengoba kade isebenzisa izinkampani ezihlukene zangaphandle yabe isinquma ukusebenzisa inkampani eyodwa.

Ngomhlaka-31 kuMashi, iNkantolo yezabaSebenzi yakhipha isinqumo sesikhashana, esivimbela abasebenzi abathathwe ezinkampanini zangaphandle ukuthi baqhubeke nemibhikisho emigwaqeni yomphakathi.

Lesi sinqumo saphinde savimbela noma ngabe yikuphi ukusatshiswa kwabasebenzi beHuawei kanjalo nokungena ngokungemthetho emahhovisi eHuawei.

Abaphathi beHuawei banxusa abasebenzi ukuthi baxazulule lolu daba nomqashi, okuyi-Adcorp Blu.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...