Inkakha yePirates kwesokuqeqesha iChippa

2017-09-14 14:00

Johannesburg - Lowo owayengumsizi kamqeqeshi we-Orlando Pirates uTeboho Moloi useqokwe njengebamba lomqeqeshi weChippa United kulandela ukuhamba kukaDan Malesela.

IChippa ku-Twitter ithe: "Singakuqinisekisa ukuthi uTeboho Moloi useyibamba lomqeqeshi, kusukela manje…"

UMalesela uxoshwe kulandela ukudliwa ngo-3-1 yiBaroka FC ngoLwesibili ebusuku.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs bayithatha kancane abantu, kodwa isayiqembu elikhulu'

IChilli Boys ishaye AmaZulu ngo-2-0 ePort Elizabeth yabe isikhala ngaphansi ngo-1-0 ngesikhathi idlala ne-Orlando Pirates, emidlalweni emibili kweyokuqala kwesizini.

UMoloi usanda kushiya i-United ngemuva kokusebenza isikhathi esingangenyanga ngaphansi kukaMalesela, wathi ukwehluka kwemibono yikhona okumenze washiya.

UMoloi ukewasebenza ngaphansi kuka-Eric Tinkler, uRoger de Sa, uVladimir Vermezovic, u-Augusto Palacios, uJulio Leal, uMilutin Sredojevic kanye noKosta Papic esakwiPirates.

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...