Ingase iqhubeke nokumba eqolo inyama, ushukela nobisi

2017-04-21 16:00

Cape Town – Intengo yamanani okudla eNingizimu Afrika yehlele ku-8.7% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule ngoMashi 2017 isuka ku-9.9% ngoFebhuwari kunyaka ka-2017 – nokuyintengo ephansi ezinyangeni ezingu-14.

Yize noma intengo yokudla sekukonke emaningi amathuba okuthi yehle ezinyangeni ezizayo ngenxa yokukhiqizwa kwakho okukhulu, kodwa ushukela, ubisi kanye nenyama, kungase kuqhubeke nokumba eqolo, ngokusho kukaWandile Sihlobo, onguSomnotho wezoLimo, e-Agricultural Business Chamber (Agbiz).

“Njengoba ubusika busondela, ukukhiqizwa kobisi kungase kwehle, nokuhambisana nokujwayelekile kulesi sikhathi sonyaka,” wengeze kanjalo.

OLUNYE UDABA: Bangase badonse kanzima abezimoto ngoMeyi

Lokhu kwehla kwentengo yokudla kudalwe kakhulu ukunyuka komkhiqizo embonini yezolimo.

Ukunyuka kwentengo kashukela kanye nezinye izinto ezingamaswidi kungenxa yokwehla okulindelekile ekukhiqizweni kwawo kulo nyaka.

Ngakolunye uhlangothi kubukeka sengathi intengo yenyama izoqhubeka nokuba phezulu njengoba abalimi bengasayingeni eyokuhlaba ngenxa yokuthi bafuna ukwandisa isitokwe sabo kulandela isomiso.

Ukuhlatshwa kwezinkomo emapulazini ngabalimi kwehle ngo-17% ngoFebhuwari kunyaka ka-2017.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...