Ifuna ukumisa kabi uSamsung ifoni entsha yaseChina

2017-01-24 16:04

Johannesburg – Uhlobo lwefoni olusha sha eNingizimu Afrika olwakhiwe ezweni laseChina luthemba ukuthi ukubizeka kalula kwegama layo yikhona okuzokwenza ukuthi ingenise ngamandla idle ubhedu kumakhasimende akuleli.

I'Meizu', nokuwuhlobo lwamafoni olwaqala ukudayisa ngonyaka ka-2007, ishaya ngegama elilula kunamanye amafoni aseChina, okubalwa kuwo, iHuawei kanye neXiaomi – nokuyizinkampani ezimbili ezisanda kungena emakethe yaseNingizimu Afrika.

Inkampani esabalalisa la mafoni yi-2C Telecoms, idayisa iMeizu Pro 6 ngo-R7 999 kanye neM3 Note ngo-R3 299.

OLUNYE UDABA: Amakhasimende amangalela uSamsung ngefoni egqamuka umlilo

IMeizu isithule i-website edayisa amafoni ayo kanye nezinye izinto eziphathelene namafoni njengoba uqhubeka nezingxoxo nezinkampani zezokuxhumana ngokuthi babe nezivumelwano zokuthi zibasabalalisele.

OnguNational Marketing Director weMeizu, uFrancois Louw, uthi ucabanga ukuthi sekuyisikhathi esifanele sokuthi enye inkampani yaseChina ingenise emakethe yaseNingizimu Afrika.

Uthi esikhathini esingaphambili abantu bakuleli bebejwayele kuphela amafoni adumile aseMelika kanye nawaseKorea, wathi kodwa manje nalawa aseChina asedlisile kubantu.

Lamafoni anobuchwepheshe obuhlukene obusezingeni eliphezulu kanti phakathi kokunye kwabo kubalwa nokusetshenziswa kwesithupha uma ngabe uyivula kanye nekhamera esezingeni eliphezulu. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...