IFedusa ishaqekile ngokufakwa kukaMolefe ePhalamende

2017-02-20 09:32

Johannesburg - IFederation of Unions of South Africa (Fedusa) ngeSonto izwakalise ukudumala ngokuthi uBrian Molefe, uzofungiswa njengelungu le-African National Congress ePhalamende.

Embikweni weState Capture, uMadonsela waveza ukuthi uMolefe no-Ajay Gupta, bafonelana izikhawu ezingu-58 phakathi kuka-Agasti noMashi 2016.

Kwaphinde kwatholakala nokuthi uMolefe wayesemzini wabakwaGupta eSaxonwold noma eduze kwakhona, izikhawu ezingu-19 phakathi kuka-Agasti 5 noNovemba17, 2015, kusho iFedusa esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:  Uzokwethula eyesifundazwe uNdunankulu waseGauteng

“Nakuba kuseyizinsolo okusembikweni, iFedusa ikholelwa ukuthi kumele liqale ligezeke igama likaMolefe ngaphambi kokuba aqokelwe ePhalamende.”

IFedusa iphinde yathi nakuba unobhala we-ANC eNorth West uDakota Legoete ethi uMolefe uyilungu le-ANC egatsheni laseHartbeespoortdam, akulandelwanga imigudu efanele ngesikhathi kuphakanyiswa igama lakhe.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...