ICapitec ihlangabezana nayo yonke imibandela yokusebenza kwamabhange - SARB

2018-01-30 16:05

Cape Town - Ibhange loMbuso ngoLwesibili liveze ukuthi iCapitec iyibhizinisi elinezimfanelo eziphelele ukuqhuba umsebenzi.

Lapha ibiphendula mayelana nombiko weViceroy Group ngeCapitec, yathi leli bhange liyahambisana nayo yonke imithetho yokusebenza kwamabhange kuleli.

Ibhange loMbuso lithi liwubonile umbiko ongamakhasi angu-33 okhishwe yile nhlangano ezinze eMelika, ngoLwesibili.

"Njengengxenye yemigomo yethu, kungumsebenzi wethu ukubhekelela ukusebenza kwamabhange ethu, okubalwa neCapitec Bank. Ngokwemininingwane esinayo, iCapitec iyinkampani ezinzile, engakwazi nokukhokha izikweletu zayo. Leli bhange lihlangabezana nayo yonke imibandela yokusebenza kwamabhange akuleli," kusho i-SARB.

IViceroy Research embikweni wayo inxuse ukuba i-SARB iqoke isigungu sesikhashana esizobhekelela ukusebenza kwaleli bhange.

OLUNYE UDABA: ICapitec ifaniswe 'nempisi embethe isikhumba semvu'

Ngokwenzinkomba zezomnotho wakuleli kanye nokunye, iViceroy ikholelwa ekutheni kunezindlela ezithile ezisetshenziswayo zokuqhubeka nokubobeleka abantu imali angeke bakwazi ukuyikhokha.

Bathi lesi senzo sikaCapitec sibeka isithombe esifanayo namanye amabhizinisi agcina ngokufadalala ngaphambilini.

IViceroy ithi ikholelwa ekutheni iCapitec "ifihla izinkinga" ezifana ncamashi nalezo ezaholela ekuweni kwe-African Bank Investments ngo-2014. I-SARB yayibeke i-African Bank ngaphansi kwesigungu esilawula ukusebenza kwayo ngaleso sikhathi.

“Asiyikholwa indaba kaCapitec. IViceroy ikholelwa ekutheni leli bhange lingafaniswa nenkunzi kamashonisa nokuyinto esiyihlanganise ngesikhathi sikhuluma nalabo abake basebenza kuleli bhange, abake baba ngamakhasimende kanye nabantu abalaziyo leli bhange."

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...