ICapitec ifaniswe 'nempisi embethe isikhumba semvu'

2018-01-30 13:59

Cape Town - IViceroy, okuyinhlangano eyabeka obala inkohlakalo eyenzeka eSteinhoff, isiphinde yagadla futhi.

Ngemuva kwamasonto ambalwa kuhlawumbiselwa ukuthi ngabe iViceroy iphenya yiphi inkampani yaseNingizimu Afrika, le nhlangano ngoLwesibili igcine iwukhiphile umbiko ngebhange iCapitec [JSE:CPI].

Lokhu kudale ukuthi amasheya akwaCapitec ehle ngo-7.8% ngoLwesibili ngo-10:30, ngemuva kokwehla ngo-10% esikhathini esingaphambilini.

IViceroy yaqala ukugqama ngesikhathi idedela umbiko ngeSteinhoff ngemuva kokucwila kwale nkampani enekomkhulu eStellenbsoch.

Kulo mbiko ongamakhasi angu-33, oshicilelwe kwi-website yale nhlangano, bathi abayingeni eyokuthi iCapitec yenza umsebenzi oncomekayo.

OLUNYE UDABA: Ibhange lombuso lihlawulise iCapitec izigidi zamarandi

"ICapitec Bank Holdings Limited iyibhange lakuleli eliboleka kakhulu abantu abadla imbuya ngothi, kepha lenza inzuzo eningi kunawo wonke amabhange emhlabeni," kusho le nhlangano.

“Asiyikholwa indaba kaCapitec. IViceroy ikholelwa ekutheni leli bhange lingafaniswa nenkunzi kamashonisa nokuyinto esiyihlanganise ngesikhathi sikhuluma nalabo abake basebenza kuleli bhange, abake baba ngamakhasimende kanye nabantu abalaziyo leli bhange."

UCapitec awutholakalanga ngokushesha ukuba uphawule.

Nokho leli bhange libhale ekhasini lalo likaTwitter lathi liwubonile umbiko weViceroy ngalo kanti lisezinhlelweni zokuphenya lo mbiko bese liyaphendula.


- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...