IBhange ngodla selifake isicelo esiphuthumayo ngombiko woMvikeli woMphakathi

2017-06-27 18:00

Johannesburg – Umphathi weBhange ngodla, uLesetja Kganyago, usefake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngenhloso yokuthi kubuyiselwe eceleni izincomo zikaMvikeli woMphakathi, mayelena nemali okwatakulwa ngayo iBankorp nguhulumeni wangesikhathi sobandlululo.

UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ngaphambilini wancoma ukuthi umsebenzi waleli bhange ushintshe.

OLUNYE UDABA: UMvikeli woMphakathi uthi ibhange lakwa-Absa kumele liyikhokhe imali

Wancoma ukuthi ikomiti elibhekelele ezobuLungiswa kanye nezamaJele liqale uhlelo lokushintsha uMthethosisekelo “emizamweni yokuphucula isimo senhlalo yezakhamizi zakuleli”.

Waphinde wancoma nokuthi kushintshe ingxenye yoMthethosisekelo ngenhloso “yokuvikela izinga lamandla emali yakuleli,” iFin24 yabika kanjalo.

Kodwa-ke iSouth African Reserve Bank (SARB) yaphikisana kakhulu nalokhu, nalapho yaveza khona izinhlelo zokuthi kubuyekezwe lezi zincomo enkantolo ukuze zibuyiselwe eceleni ngoba azikho emthethweni futhi azingeni ngaphansi kwamandla uMkhwebane anawo.

“UMvikeli woMphakathi akanawo amandla okuguqula uMthethosisekelo, ingasakhulunywa eyokuyalela iPhalamende ukuba lenze njalo,” kusho uKganyago.

UKganyago uqhube wathi izenzo zoMvikeli woMphakathi zizoba nemiphumela engemihle, ikakhulukazi ekutheni abatshali bezimali baqhubeke nokuthemba elakuleli.

Zifundele lama phepha asenkantolo afakwe iBhangengodla 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...