Ibhange lombuso lihlawulise iCapitec izigidi zamarandi

2016-05-25 12:31

Durban – Ibhange lombuso lakuleli lihlawulise iCapitec kanye negatsha laluleli leDeutche Bank imali engango-R25 million ngokungakwazi ukunqanda ubugebengu bemali.

Ngokwesitatimende saleli bhange: “Isizathu sokuhlawulisa lawa mabhange asilele ekutheni kutholakale ubufakazi  obuveziwe bokuthi lawa mabhange abe nesandla ekusetshenzisweni kwale mali noma abe yingxenye yobugebengu."

Ngokwemibiko yeTimeslive, uphuko lwebhangekazi lakuleli olubhekelele ukuhleleka kwezinhlelo zamabhange ngokuhambisana noMthetho wesiKhungo Sokukhalipha Ngezimali nokuyinto egxile ekusetshenzisweni kwemali eyebiwe nobunye ubugebengu bemali.

OLUNYE UDABA:Usenikelelwe ngo-R13‚000 uweta ophoxwe ngowe#RhodeMustFall

I-Capitec ihlawuliswe izigidi ezingu-R5 million ngokuhluleka ukubika ngokukhishwa kwemali engaphezu kuka-R24 999 kulesi sikhungo ngokuhambisana nemithetho ebekiwe nokuwudaba olwadluliselwa kuphiko lokuqondiswa kwezigwegwe.

Izinhlelo ezihambisana nesiqubulo se-Deutsche Bank esithi,  “Azi amakhasimende akho,” bezingahlelekile kahle ngakhoke bahlawuliswe izigidi ezingu-R10 million. Ngaphezu kwalokhu lolu hlelo luhlulekile ukuqapha nokulawula izimo eziphathelene nobugebengu obenziwa kwizakhiwo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...