I-SETA imoshe u-R42 000 iqasha iBMW izinsuku ezintathu

2017-02-20 12:30

Johannesburg – I-Sector Education and Training Authority for Agriculture (AgriSETA) kunezinsolo zokuthi isaphaze imali elinganiselwa ku-R42 000 ngokuqasha unyayavu lwemoto iqashela oBambe njengoSihlalo wayo izinsuku ezintathu.

UThami ka Plaatjie, wayenguNobhala Jikelele wePan Africanist Congress (PAC) owajoyina i-ANC ngonyaka ka-2011, wacela imoto ukuze athathe uhambo ngo-Okthoba wangonyaka ka-2016.

INews24 ithole amaphepha ngokulunywa indlebe ahlanganisa “ukugunyazwa kokuvakasha kwangaphakathi” nalapho isicelo safakwa egameni likaPlaatjie.

OLUNYE UDABA: Imeya inqabe unyanyavu lwemoto ebiza u-R1.5m

Isisebenzi se-AgriSETA  esagcwalisa ifomu sabhala ukuthi uKa Plaatjie “uzohlangana noNgqongqoshe, [ahambele] umcimbi wezolimo bese ehlangana noSolwazi Mayende.”

Njengoba i-SETA ingena ngaphansi koMnyango wezeMfundo, kungenzeka ukuthi la maphepha akhuluma ngoNgqongqoshe wezeMfundo ePhakame, uBlade Nzimande.

Kodwa-ke ngesikhathi iNews24 ibuza uMnyango ukuthi uNzimande uke wahlangana yini noKa Plaatjie ngaleso sikhathi, okhulumela lo Mnyango akazange ayiphendule imibuzo.

Ifomu lokufaka isicelo liphinde likhombise nokuthi lo Sihlalo wahlala ehhotela iSouthern Sun, eBloemfontein kanye nasePremier Hotel e-East London, esikhathini esiyizinsuku ezintathu esohambweni.

I-AgriSETA ayizange iyiphendule imibuzo yeNews24. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...