I-SABC ingase uhlawuliswe u-R1m uma ilahlwa yicala

2017-01-31 14:30

Cape Town – ISouth African Broadcasting Corporation (SABC) ingase ihlawuliswe u-R1 million uma ilahlwa yicala ngokwehluleka kwayo ukulandela umyalelo we-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) wokuhoxisa isinqumo sokungasakazi imibhikisho enodlame.

I-Icasa itshele ikomidi lezokuxhumana ePhalamende ukuthi ivulele icala i-SABC emaphoyiseni ngokwehluleka kwayo ukuthobela umyalelo.

Lowo owayeyisikhulu se-SABC uHlaudi Motsoeneng ngonyaka odlule wamemezela ukuthi iSABC ngeke isayisakaza imibhikisho enodlame ngoba ingase igqugquzele abanye ukuba benze okufanayo.

OLUNYE UDABA: Kulimale abosizo lokuqala imoto ishayisa imvubu

Ngemuva kokuthola isimangalo, i-Icasa yakhipha umyalelo wokuba iSABC isiguqule isinqumo sayo.

I-Icasa yavulela iSABC icala emaphoyiseni ngoNovemba.

Owe-Icasa uNomvuyiso Batyi uthi iziphathimandla zitshelwe emasontweni amabili edlule ukuthi lolu daba selusezithebeni zoKlebe.

UBatyi uthe iSABC yavuma ukuthobela umyalelo we-Icasa, kodwa yehluleka ukuveza ubufakazi bokuthi lokhu kwenzekile.

- EWN

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...