I-SABC ikhangisa ngomsebenzi wobeyisikhulu sayo, uHlaudi Motsoeneng

2017-05-17 12:31

Cape Town – Inhlangano yezokusakaza kuleli, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ngeSonto ifake isikhangiso sesikhundla se-Chief Operating Officer (COO), kulandela ukukhishwa kukaHlaudi Motsoeneng ekubambeni kulesi sikhundla.

UMotsoeneng wakhishwa kulesi sikhundla sokuba yi-COO ngemuva kokuthi iSupreme Court of Appeal ichithe imizamo yakhe yokudlulisela phambili isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape sangoNovemba 2015 nesathola ukuthi ukuqokwa kwakhe kwakungenasizathu yabe isikubuyisela eceleni.

Phakathi kwezinye zezinto ezaphinde zatholakala ukuthi waqamba amanga ngeziqu zakhe, waxosha izisebenzi zeSABC waphinde wanyusa amaholo ngaphandle kokulandela imigudu efanele.

OLUNYE UDABA: Uzobamba isithangami sabezindaba owakhishwa kwesiphezulu eSABC

Isikhangiso esifakwe emaphephandabeni angeSonto sinxuse abazofaka izicelo zalo msebenzi ukuba babe nezinye iziqu ezitholwa yilabo abasuke sebephothule iziqu ezisemazingeni aphansi (post-graduate qualification). UMotsoeneng akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni, nokusho ukuthi angeke aze akwazi ukufaka isicelo salo msebenzi.

Lesi sikhangiso siphume sekusele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuba uMotsoeneng abhekane nezigcawu ezimbili zokuqondiswa izigwegwe, nokulindeleke ukuba ziqale ngoLwesithathu.

Isigcawu sokuqala simayelana nesithangami sabezindaba asibamba ngomhlaka-19 ku-Ephreli, bese kuthi isigcawu sesibili sibe mayelana nalokho okwatholwa uMvikeli woMphakathi ngaye.

Ngokombiko ophume kwiCIty Press ngesonto, uMotsoeneng uthole ukugxekwa ngokuthi uyena obe yimbangela yokuthi iSABC ibe senkingeni yezimali. Obambe njengesikhulu esiphezulu kwaSABC, uJames Aguma, uvumile ukuthi le nhlangano yezokusaka ibhekene nezinkinga zezimali. 

Zibonele lesi sikhangiso ebesishicilelwe kwi-Sunday Times:

Zibonele nemali eholwa uHlaudi Motsoeneng lapha: 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Rain showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Showery. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...