I-Numsa izokhuluma namalungu ayo ngesivumelwano sabamabhasi

2017-04-15 09:01

Johannesburg - INational Union of Metalworkers SA (Numsa) ithi izokhuluma namalungu ayo ngoMgqibelo ngesivumelwano sezinyunyana ezintathu kanye nemboni yamabhasi.

Isivumelwano okufinyelelwe kusona ngoLwesihlanu sisho ukuthi isiteleka sabasebenzi sesiphelile.

Izinyunyana ezintathu, okubalwa kuzona ne-Satawu, zamukele ukuba abasebenzi benyuselwe amaholo ngo-9% ngemuva kokungenelela kukaNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant.

Lesi sivumelwano ngesonyaka owodwa.

OLUNYE UDABA: IMelika idedele inkunzimalanga yebhomu igadla

INumsa ne-Taswu basichithile lesi sivumelwano, kodwa bazokhulumisana ngaso nabasebenzi abangamalungu abo.

INumsa ithi izimo abasebenza ngaphansi kwazo abasebenzi akukhulunywanga ngazo ngesikhathi kwenziwa isivumelwano.

UMnyango wezabasebenzi uthi bonke abasebenzi babophezelwe yilesi sivumelwano njengoba sisayindwe umkhandlu.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...