I-Numsa isola amaChina ngokubulala amabhizinisi akuleli

2017-04-25 11:01

Johannesburg – Inyunyana yabasenzi okusansimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) isilole amabhizinisi abomdabu wasezweni laseChina ngokuba nomthelela omubi ekufadabaleni kwamabhizinisi akuleli kanye nokuphela kwamathuba emisebenzi.

Kuyimanje le nyunyana ibambe iNational Bargaining Conference okulindeleke ukuthi iqhubeke kuze kube uLwesibili eBirchwood Conference Centre, eGoli, njengoba nemboni yokusansimbi kanye nobunjiniyela kuleli izilungiselela izingxoxo zamaholo ngasekupheleni konyaka.

OLUNYE UDABA: Inyunyana kaVavi neFedusa embangweni wegama

Le ngqungquthela ihlose ukulungiselela imboni yezemisebenzi ngalezi zingxoxo zamaholo.

Ngokusho komkhulumeli weNumsa osabambile, uPhakamile Hlubi, le ngqungquthela izobandakanya izithunywa ezingaphezu kuka-200 zeNumsa, ezimele zonke izifundazwe ezingu-9, kanjalo nalabo abasebenzisana ngqo nabaqashi futhi bazobandakanyeka ezingxoxweni zamaholo.

“Ziningi izinselelo ezibhekene nemboni. Sekube nokulahleka kwemisebenzi okukhulu, ikakhulukazi ngenxa yomthelela wezinkampani zaseChina nalapho uhulumeni evumela lezi zinkampani ukuthi zilethe abasebenzi abashibhile bangaphandle,” kusho uHlubi.

“Sekubulale amabhizinisi kwaphinde kwadala nezinkinga ezinkulu.”

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...