I-NUM izobhikishela ukudilizwa kwabasebenzi abangu-8 500

2017-07-31 11:19

Cape Town - INational Union of Mineworkers (NUM) esifundeni saseMatlosana izobhikishela i-AngloGold Ashanti [JSE:ANG] ngoLwesibili, ngemuva kokuthi le mayini yamamezela ngoJuni ukuthi izodiliza abasebenzi abangu-8 500 abasebenza emigodini yayo emibili eMatlosana kanye naseCarletonville.

OnguNobhala we-NUM esifundeni iMatlosana, uMasibulele Naki, ngoMsombuluko uthe akufanele abasebenzi bavumele le nkampani ukuthi “ibukele phansi abasebenzi”, iningi labo okungabantu abamnyama.

OLUNYE UDABA: Umkhankaso kaRamaphosa engcupheni nokungenami ‘ngabamhlophe’

Le nyunyana izomasha isuka enxanxatheleni yezitolo Umzimuhle, ibheke emahhovisi e-AngloGold e-No1 Vaal Reefs, kusukuela ngo-15:00, ngoLwesibili.

Ngesikhathi kwenziwa lesi simemezelo ngoJuni, iNUM yathi “ithukuthele kakhulu futhi ishaqekile” ngenxa yalesi sinqumo yabe isinxusa i-AngloGold ukuba icabange kabusha lesi sinqumo sokudiliza abasebenzi.

Oyi-CEO ye-AngloGold, uSrinivasan Venkatakrishnan, ngomhlaka-28 kuJuni esitatimendeni, wathi isinqumo sokudiliza kube isinqumo esinzima esilandelwe ukulahlekelwa yinzuzo okukhulu. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...